Bengithi lizokuna NG Sibiya Isahluko 04
Автор: InstaPro
Загружено: 2021-11-20
Просмотров: 416
Nakanjani G Sibiya – Inkululeko yezwe iNingizimu Afrika ithintane nazo zonke izinhlangothi zezimpilo zabantu. Abantu bobulili obufanayo sebevumelekile ukushada, bakhe umuzi babuye baqale nomndeni. Umuntu useyakwazi ukuziguqula ubulili ukuze abe yilokho afisa ukuba yikhona. Noma umthethosisekelo wezwe ukweseka lokhu, iningi Labantu lisakubukela phansi lokhu kuziguqula kwabantu. Kuyoba yini ke emzalini wensizwa othi ebhekelele ukuba izoletha umlobokazi azwe ingane yakhe isimethulela enye insizwa okuyiyona efisa ukushada nayo? Umnumzane uHlomuka uzithola ephakathi kwale nkinga yokuthi uHlomuka omncane yena uthi uzizwa eyintombazane ngakho akazimisele ukuganwa yintombi ngoba yena ethi uthandana nabanye besilisa. Izinkinga ezilandela lesi sinqumo sendodana siletha uchungechunge lwezehlakalo ezihlumeza abaningi emiphefumulweni.
Доступные форматы для скачивания:
Скачать видео mp4
-
Информация по загрузке: