Isivumo sokholo saseNikhiya || The Nicene Creed
Автор: Banzi Mbatha
Загружено: 2023-10-30
Просмотров: 8570
ISIVUMO SOKHOLO SASENIKHIYA
Siyakholwa kuNkulunkulu munye
UYise, uSomandla
UMenzi wezulu nomhlaba
Nowakho konke okubonakalayo
nokungabonakaliyo.
Siyakholwa nakuyo iNkosi inye,
uJesu kristu
INdodana evele yodwa
kuNkulunkulu
Ivele kuYise kungakabikho
izikhathi zonke
InguNkulunkulu ivela kuNkulunkulu
InguKukhanya uvela kukho
uKuKhanya
InguNkulunkulu impela ivela
kuNkulunkulu impela
Eyavela, engenziwanga, iSiqu sayo
sisinye nesikaYise
Okwenziwa yiyo konke.
Eyehla eZulwini ngenxa yethu
thina bantu, nangokusisindisa
Yenziwa inyama ngoMoya
oNgcwele
Kuyo iNtombi uMariya,
yabawumuntu
Futhi yabethelwa esiphambanweni
ngenxa yethu
KuPontiyu Pilatu:
Yahlupheka, yafa, yangcwatshwa.
Ngosuku lobuthathu yabuya
yavuka njengokuseMibhalweni
Yenyuka yaya eZulwini
Isahlezi khona ngasekunene
kukaYise.
Iyakuphinda ize ngodumo
Izokwahlulela abasekhona
nabafileyo:
Umbuso wayo awuyikuphela.
Siyakholwa nakuMoya oNgcwele,
oyiNkosi ophilisayo
Ophuma kuYise nakuNdodana.
Obongwayo edunyiswa kanye
noYise neNdodana.
Owashumayela ngabaphrofethi.
Siyakholwa nakulo iBandla linye,
eliNgcwele
Elikhatholika, labaphostoli.
Sivuma uMbhabhathiso munye
wokuthethelela izono.
Sibheka ukuvuka kwabafileyo
Nokuphila kwesikhathi esizayo.
Amen.
Доступные форматы для скачивания:
Скачать видео mp4
-
Информация по загрузке: